|
| 1 |
|
| Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni, |
|
| 2 |
|
| noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri. |
|
| 3 |
|
| Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala. |
|
| 4 |
|
| UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu. |
|
| 5 |
|
| Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule. |
|
| 6 |
|
| Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke. |
|
| 7 |
|
| Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo. |
|
| 8 |
|
| Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya. |
|
| 9 |
|
| Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi. |
|
| 10 |
|
| URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda; |
|
| 11 |
|
| uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi; |
|
| 12 |
|
| uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese. |
|
| 13 |
|
| UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu, |
|
| 14 |
|
| noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu, |
|
| 15 |
|
| no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa; |
|
| 16 |
|
| odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu. |
|
| 17 |
|
| U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli. |
|
| 18 |
|
| UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni. |
|
| 19 |
|
| Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure. |
|
| 20 |
|
| UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli. |
|
| 21 |
|
| Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi. |
|
| 22 |
|
| USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi. |
|
| 23 |
|
| OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi. |
|
| 24 |
|
| Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa. |
|
| 25 |
|
| Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya. |
|
| 26 |
|
| UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu. |
|
| 27 |
|
| Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri. |
|
| 28 |
|
| Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri. |
|
| 29 |
|
| Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi. |
|
| 30 |
|
| Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana. |
|
| 31 |
|
| Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi. |
|
| 32 |
|
| Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana. |
|
| 33 |
|
| Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli. |
|
| 34 |
|
| Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha. |
|
| 35 |
|
| USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi. |
|
| 36 |
|
| U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi; |
|
| 37 |
|
| uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede; |
|
| 38 |
|
| u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya; |
|
| 39 |
|
| u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa; |
|
| 40 |
|
| u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi; |
|
| 41 |
|
| uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama. |
|
| 42 |
|
| Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni. |
|
| 43 |
|
| Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema. |
|
| 44 |
|
| UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi. |
|
| 45 |
|
| Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri. |
|
| 46 |
|
| U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi. |
|
| 47 |
|
| Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi. |
|
| 48 |
|
| UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana. |
|
| 49 |
|
| Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa. |
|
| 50 |
|
| Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi, |
|
| 51 |
|
| noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi. |
|
| 52 |
|
| NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti. |
|
| 53 |
|
| Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli. |
|
| 54 |
|
| Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori. |
|
| 55 |
|
| Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi. |
|
|
|
|