IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959
|
| 1 |
| U-Elihu wathatha wathi: |
| 2 |
| “Usho uthi lokhu kulungile na? Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’ |
| 3 |
| njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?’ |
| 4 |
| “Ngizakukuphendula mina ngamazwi, wena nabangane bakho. |
| 5 |
| Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe. |
| 6 |
| Uma wona, wenzani kuye na? Uma iziphambeko zakho ziziningi, wenzani kuyena na? |
| 7 |
| Uma ulungile, umnikani yena, noma umukelani esandleni sakho na? |
| 8 |
| Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe, nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu. |
| 9 |
| “Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla. |
| 10 |
| Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami, ozwakalisa amahubo ebusuku, |
| 11 |
| osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba, asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’ |
| 12 |
| Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi, kepha akaphenduli. |
| 13 |
| Impela uNkulunkulu akezwa okuyize, uSomandla akayikukunakekela; |
| 14 |
| kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na? |
| 15 |
| Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi, anganaki kakhulu iziphambeko, |
| 16 |
| uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.” |
| Gcina Amanothi |
https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/job/035.mp3
42
35