|
| 1 |
|
| Phikisana, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabo abalwa nami. |
|
| 2 |
|
| Thatha ihawu nesihlangu, uvuke, ungisize. |
|
| 3 |
|
| Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo; yisho kuwo umphefumulo wami, uthi: “Mina ngiyinsindiso yakho.” |
|
| 4 |
|
| Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo. |
|
| 5 |
|
| Mababe njengamakhoba emoyeni, ingelosi kaJehova ibadudule. |
|
| 6 |
|
| Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe. |
|
| 7 |
|
| Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala. |
|
| 8 |
|
| Ukubhujiswa makumehlele engazelele; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe. |
|
| 9 |
|
| Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova, uthokoze ngokusindisa kwakhe. |
|
| 10 |
|
| Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?” |
|
| 11 |
|
| Ofakazi abangalungile bayasukuma, babuza kimi engingakwaziyo. |
|
| 12 |
|
| Bangiphindisela okubi ngokuhle; umphefumulo wami bawusozisele. |
|
| 13 |
|
| Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami. |
|
| 14 |
|
| Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu; njengokhalela unina ngakhothama ngokulila. |
|
| 15 |
|
| Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye; abashayi engingabaziyo bangibunganyela; badumaza bengayeki. |
|
| 16 |
|
| Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa bangigedlela amazinyo. |
|
| 17 |
|
| Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na? Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo, ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo. |
|
| 18 |
|
| Ngizakukubonga ebandleni elikhulu, ngikudumise phakathi kwabantu abaningi. |
|
| 19 |
|
| Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu; mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze. |
|
| 20 |
|
| Ngokuba abakhulumi ukuthula, kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni. |
|
| 21 |
|
| Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi: “Ashila, ashila, iso lethu liyabona!” |
|
| 22 |
|
| Uyakubona, Jehova; mawungathuli; Nkosi, mawungabi kude nami. |
|
| 23 |
|
| Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami, umele icala lami. |
|
| 24 |
|
| Ngahlulele ngokulunga kwakho, Jehova Nkulunkulu wami; mabangajabuli ngami. |
|
| 25 |
|
| Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi: “He, kwaya ngesifiso sethu!” Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.” |
|
| 26 |
|
| Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo. |
|
| 27 |
|
| Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalonjalo: “Makadunyiswe uJehova othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.” |
|
| 28 |
|
| Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho, usuku lonke ngodumo lwakho. |
|
|
|
|