|
| 1 |
|
| “Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube ngufakazi wamanga. |
|
| 2 |
|
| “Awuyikulandela umbimbi ukuyokwenza okubi, ungafakazi ecaleni ngokulandela umbimbi, uphendukezele isahlulelo; |
|
| 3 |
|
| nompofu awuyikumvuna ecaleni lakhe. |
|
| 4 |
|
| “Uma ufumana inkabi yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka, woyibuyisela nokuyibuyisela kuso. |
|
| 5 |
|
| Uma ubona imbongolo yalowo okuzondayo ilele phansi komthwalo wayo, wena-ke bese wukhetha ukuyiyeka, woyikhumula nokuyikhumula ninaye. |
|
| 6 |
|
| “Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe. |
|
| 7 |
|
| Deda ube kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo. |
|
| 8 |
|
| “Awuyikwamukela isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa ababonayo, siphendukezele amazwi olungileyo. |
|
| 9 |
|
| Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi, lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe. |
|
| 10 |
|
| “Iminyaka eyisithupha uyakutshala izwe lakho, uvune izithelo zalo, |
|
| 11 |
|
| kepha ngomnyaka wesikhombisa uyakuliyeka libe yifusi ukuba abampofu babantu bakho badle; abakushiyayo makudliwe yizilwane zasendle; wenze njalo nangesivini sakho nangeminqumo yakho. |
|
| 12 |
|
| “Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi. |
|
| 13 |
|
| “Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho. |
|
| 14 |
|
| “Kathathu ngomnyaka wongigcinela umkhosi. |
|
| 15 |
|
| “Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala, ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho, |
|
| 16 |
|
| nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini. |
|
| 17 |
|
| “Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kweNkosi uJehova. |
|
| 18 |
|
| “Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse. |
|
| 19 |
|
| “Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina. |
|
| 20 |
|
| “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo. |
|
| 21 |
|
| Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. |
|
| 22 |
|
| Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe. |
|
| 23 |
|
| Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha. |
|
| 24 |
|
| Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo. |
|
| 25 |
|
| Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu. |
|
| 26 |
|
| Akuyikuba khona ophunzayo noyinyumba ezweni lakini; ngiyakuliphelelisa inani lezinsuku zakho. |
|
| 27 |
|
| “Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho, ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele. |
|
| 28 |
|
| Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho. |
|
| 29 |
|
| Angiyikubaxosha phambi kwakho ngomnyaka owodwa, funa izwe libe yihlane, izilwane zasendle zikwandele. |
|
| 30 |
|
| Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe. |
|
| 31 |
|
| “Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho. |
|
| 32 |
|
| Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo. |
|
| 33 |
|
| Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.” |
|
|
|
|