|
| 1 |
|
| UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’ |
|
| 2 |
|
| Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, |
|
| 3 |
|
| uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.” |
|
| 4 |
|
| Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe. |
|
| 5 |
|
| UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ” |
|
| 6 |
|
| Abantwana bakwa-Israyeli bazihlubula izivunulo zabo, kusukela entabeni yaseHorebe. |
|
| 7 |
|
| UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu. |
|
| 8 |
|
| Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni. |
|
| 9 |
|
| Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose. |
|
| 10 |
|
| Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe. |
|
| 11 |
|
| UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. |
|
| 12 |
|
| UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’ |
|
| 13 |
|
| Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.” |
|
| 14 |
|
| Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?” |
|
| 15 |
|
| Wathi kuye: “Uma ungahambi wena uqobo, ungasikhuphuli lapha. |
|
| 16 |
|
| Ngokuba kuyakwaziwa ngani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, na? Akungalokhu yini ukuthi uhamba nathi, ukuze sahlukaniswe, mina nabantu bakho, nabanye abantu abasebusweni bomhlaba na?” |
|
| 17 |
|
| UJehova wathi kuMose: “Ngiyakwenza nalokho okushiloyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami; ngiyakwazi ngegama.” |
|
| 18 |
|
| Wayesethi: “Ake ngibone inkazimulo yakho.” |
|
| 19 |
|
| Wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.” |
|
| 20 |
|
| Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.” |
|
| 21 |
|
| UJehova wathi: “Bheka, nansi indawo kimi; uyakuma edwaleni. |
|
| 22 |
|
| Kuyakuthi isadlula inkazimulo yami, ngiyakukufaka ofantwini lwedwala, ngikumboze ngesandla sami, ngize ngidlule. |
|
| 23 |
|
| Besengisusa isandla sami, ubone umhlane wami, kepha ubuso bami abuyikubonwa.” |
|
|
|
|