|
| 1 |
|
| UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze. |
|
| 2 |
|
| Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa. |
|
| 3 |
|
| Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.” |
|
| 4 |
|
| UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi: |
|
| 5 |
|
| Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi, |
|
| 6 |
|
| nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, |
|
| 7 |
|
| nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nomuthi womtholo, |
|
| 8 |
|
| namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo, |
|
| 9 |
|
| namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba. |
|
| 10 |
|
| “Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo: |
|
| 11 |
|
| itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo; |
|
| 12 |
|
| umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli; |
|
| 13 |
|
| itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa; |
|
| 14 |
|
| nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa; |
|
| 15 |
|
| ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele; |
|
| 16 |
|
| i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, |
|
| 17 |
|
| nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke, |
|
| 18 |
|
| nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo, |
|
| 19 |
|
| nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.” |
|
| 20 |
|
| Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose. |
|
| 21 |
|
| Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele. |
|
| 22 |
|
| Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova. |
|
| 23 |
|
| Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha. |
|
| 24 |
|
| Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha. |
|
| 25 |
|
| Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo. |
|
| 26 |
|
| Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi. |
|
| 27 |
|
| Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba, |
|
| 28 |
|
| namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo. |
|
| 29 |
|
| Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose. |
|
| 30 |
|
| UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda; |
|
| 31 |
|
| umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke |
|
| 32 |
|
| ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, |
|
| 33 |
|
| nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti. |
|
| 34 |
|
| Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani. |
|
| 35 |
|
| Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti. |
|
|
|
|