|
| 1 |
|
| UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, abayikukholwa yimi, bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘UJehova akabonakalanga kuwe.’ ” |
|
| 2 |
|
| Wayesethi kuye uJehova: “Kuyini lokhu okusesandleni sakho na?” Wathi: “Yinduku.” |
|
| 3 |
|
| Khona wathi: “Yiphonse phansi.” Wayeseyiphonsa phansi. Yaphenduka inyoka; uMose wayibalekela. |
|
| 4 |
|
| Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho, uyibambe ngomsila.” Wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe – |
|
| 5 |
|
| ukuba bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe. |
|
| 6 |
|
| UJehova wathi futhi kuye: “Faka isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe; lapho esesikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa. |
|
| 7 |
|
| Wayesethi kuye: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthe esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe. |
|
| 8 |
|
| “Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe, bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva. |
|
| 9 |
|
| Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.” |
|
| 10 |
|
| UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.” |
|
| 11 |
|
| UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na? |
|
| 12 |
|
| Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.” |
|
| 13 |
|
| Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.” |
|
| 14 |
|
| Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe. |
|
| 15 |
|
| Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza. |
|
| 16 |
|
| Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye. |
|
| 17 |
|
| Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.” |
|
| 18 |
|
| Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: “Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini.” UJetiro wathi kuMose: “Hamba nokuthula.” |
|
| 19 |
|
| UJehova wathi kuMose kwaMidiyani: “Hamba ubuyele eGibithe, ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala.” |
|
| 20 |
|
| UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe, wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe. |
|
| 21 |
|
| UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe. |
|
| 22 |
|
| Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uJehova, uthi: U-Israyeli uyindodana yami, uyizibulo lami. |
|
| 23 |
|
| Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ” |
|
| 24 |
|
| Kwathi endleleni endlini yezihambi uJehova wahlangana naye, wafuna ukumbulala. |
|
| 25 |
|
| USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe, waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Impela ungumyeni wegazi kimi.” |
|
| 26 |
|
| Wamdedela-ke. Khona wathi: “Ngumyeni wegazi ngenxa yokusoka.” |
|
| 27 |
|
| UJehova wayesethi ku-Aroni: “Hamba umhlangabeze uMose ehlane.” Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga. |
|
| 28 |
|
| UMose wamtshela u-Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo, nezibonakaliso zonke amyale ngazo. |
|
| 29 |
|
| OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli; |
|
| 30 |
|
| u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu. |
|
| 31 |
|
| Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka. |
|
|
|
|