|
| 1 |
|
| UJehova wakhuluma kuMose, wathi: |
|
| 2 |
|
| “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana. |
|
| 3 |
|
| Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo. |
|
| 4 |
|
| Ulingenise itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, ulungenise uthi lwezibani, ubeke izibani zalo. |
|
| 5 |
|
| Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele. |
|
| 6 |
|
| “Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana. |
|
| 7 |
|
| Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo. |
|
| 8 |
|
| Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke. |
|
| 9 |
|
| “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele. |
|
| 10 |
|
| Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele. |
|
| 11 |
|
| Ugcobe umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise. |
|
| 12 |
|
| “Ulethe u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. |
|
| 13 |
|
| Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi. |
|
| 14 |
|
| Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi, |
|
| 15 |
|
| uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.” |
|
| 16 |
|
| Wenze njalo uMose; njengakho konke uJehova amyale ngakho, wenze njalo-ke. |
|
| 17 |
|
| Kwathi enyangeni yokuqala ngomnyaka wesibili, ngolokuqala lwenyanga itabernakele lamiswa. |
|
| 18 |
|
| UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo. |
|
| 19 |
|
| Weneka itende phezu kwetabernakele, wabeka isifulelo setende phezu kwalo, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 20 |
|
| Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. |
|
| 21 |
|
| Wangenisa umphongolo etabernakele, wamisa isihenqo seveli, wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 22 |
|
| Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo. |
|
| 23 |
|
| Wahlela izinkwa phezu kwalo phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 24 |
|
| Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu. |
|
| 25 |
|
| Wazibeka izibani phambi kukaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 26 |
|
| Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo. |
|
| 27 |
|
| Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 28 |
|
| Walengisa iveli lomnyango wetabernakele. |
|
| 29 |
|
| Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 30 |
|
| Wabeka umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, wathela kuwo amanzi okugeza. |
|
| 31 |
|
| OMose no-Aroni namadodana akhe bahlambela kuwo izandla zabo nezinyawo zabo. |
|
| 32 |
|
| Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e-altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 33 |
|
| Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi. |
|
| 34 |
|
| Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. |
|
| 35 |
|
| UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele. |
|
| 36 |
|
| Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele, abantwana bakwa-Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke. |
|
| 37 |
|
| Kepha uma ifu lingenyuswanga, babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo. |
|
| 38 |
|
| Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke. |
|
|
|
|