|
| 1 |
|
| Ngasemuva oMose no-Aroni bafika, bathi kuFaro: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.’ ” |
|
| 2 |
|
| Wathi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke u-Israyeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela u-Israyeli ukuba ahambe.” |
|
| 3 |
|
| Base bethi: “UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.” |
|
| 4 |
|
| Inkosi yaseGibithe yathi kubo: “Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina Mose no-Aroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.” |
|
| 5 |
|
| UFaro wathi: “Bheka, abantu sebebaningi ezweni, nokho niyabaphumuza emithwalweni yabo.” |
|
| 6 |
|
| Ngalona lolo suku uFaro wayala abaphathi babantu nezinduna zabo, wathi: |
|
| 7 |
|
| “Anisayikubanika abantu utshani bokwenza izitini njengaphambili; mabahambe bazibuthele utshani. |
|
| 8 |
|
| Kepha isilinganiso sezitini ekade besenza, bamiseleni sona, ningasinciphisi, ngokuba bayenqena; ngalokho bayakhala bathi: ‘Masihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.’ |
|
| 9 |
|
| Mayenziwe ibe nzima imisebenzi phezu kwabantu, bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.” |
|
| 10 |
|
| Baphuma-ke abaphathi babantu nezinduna zabo, bakhuluma kubantu, bathi: “UFaro usho uthi: ‘Angisayikuninika utshani.’ |
|
| 11 |
|
| Hambani nina, nizifunele utshani, lapho ningabuthola khona, ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.” |
|
| 12 |
|
| Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo. |
|
| 13 |
|
| Abaphathi babaqhuba, bathi: “Qedani imisebenzi yenu, imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.” |
|
| 14 |
|
| Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: “Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?” |
|
| 15 |
|
| Zase zifika izinduna zabantwana bakwa-Israyeli, zakhala kuFaro, zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na? |
|
| 16 |
|
| Izinceku zakho aziphiwanga tshani; nokho bathi kithi: ‘Bumbani izitini.’ Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.” |
|
| 17 |
|
| Kepha wathi: “Yinina enenqena, yebo, niyenqena; ngalokho nithi: ‘Ake sihambe sihlabele uJehova.’ |
|
| 18 |
|
| Ngalokho hambani nisebenze, ngokuba aniyikuphiwa tshani, kepha isilinganiso sezitini niyakusiqeda.” |
|
| 19 |
|
| Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli zabona ukuthi basekuhluphekeni, lapho kuthiwa: “Aniyikunciphisa izitini zenu esilinganisweni semihla ngemihla.” |
|
| 20 |
|
| Zahlangana noMose no-Aroni ababemi khona ukuzihlangabeza zisaphuma kuFaro. |
|
| 21 |
|
| Zathi kubo: “UJehova makanibheke, ahlulele, ngokuba nilenzile iphunga lethu linuke kabi emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, nibeke inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.” |
|
| 22 |
|
| UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, wenzeleni okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina na? |
|
| 23 |
|
| Selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho, ubaphathe kabi laba bantu, nawe awubophulanga nakanci abantu bakho.” |
|
|
|
|