|
| 1 |
|
| Ngiyintebe yaseSharoni, nomnduze wezigodi. |
|
| 2 |
|
| Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi. |
|
| 3 |
|
| Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami. |
|
| 4 |
|
| Ungingenisile endlini yewayini, nebhanela* lakhe phezu kwami liluthando. |
|
| 5 |
|
| Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula,* ngokuba ngiyafa uthando. |
|
| 6 |
|
| Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona. |
|
| 7 |
|
| Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. |
|
| 8 |
|
| Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni. |
|
| 9 |
|
| Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni. |
|
| 10 |
|
| Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe, |
|
| 11 |
|
| ngokuba bheka, ubusika budlulile; imvula isiphelile, yamuka; |
|
| 12 |
|
| izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi. |
|
| 13 |
|
| Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.” |
|
| 14 |
|
| Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle. |
|
| 15 |
|
| Sibambeleni izimpungushe, izimpungushe ezincane ezichitha izivini, ngokuba izivini zethu zinezimbali. |
|
| 16 |
|
| Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze. |
|
| 17 |
|
| Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo. |
|
|
|
|