IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959
|
| 1 |
| Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga. |
| 2 |
| Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga. |
| 3 |
| Abalindi bangifumana behambahamba emzini: “Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?” |
| 4 |
| Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo. |
| 5 |
| Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi. |
| 6 |
| Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na? |
| 7 |
| Bheka, luhlaka lukaSolomoni! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli. |
| 8 |
| Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku. |
| 9 |
| Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni. |
| 10 |
| Yenza izinsika zalo ngesiliva, nephansi lalo ngegolide, nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothando lwamadodakazi aseJerusalema. |
| 11 |
| Phumani nina madodakazi aseJerusalema, nibone inkosi uSolomoni, inomqhele eyawuqheliswa ngunina ngosuku lokugcagca kwayo nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo. |
| Gcina Amanothi |
https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/songofsolomon/003.mp3
8
3