|
| 1 |
|
| Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema. |
|
| 2 |
|
| Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. |
|
| 3 |
|
| Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. |
|
| 4 |
|
| Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. |
|
| 5 |
|
| Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova. |
|
| 6 |
|
| Ngokuba ushiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti, bexhawulana nabantwana babezizwe. |
|
| 7 |
|
| Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, akukho ukuphela kwengcebo yabo; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho. |
|
| 8 |
|
| Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo. |
|
| 9 |
|
| Kepha abantu bayakufoliswa, namadoda ayakuthotshiswa; abayikuthethelelwa. |
|
| 10 |
|
| Ngena edwaleni, ucashe othulini ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe. |
|
| 11 |
|
| Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku. |
|
| 12 |
|
| Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe, |
|
| 13 |
|
| naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni, emide nephakemeyo, naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani, |
|
| 14 |
|
| naphezu kwazo zonke izintaba ezinde, naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo, |
|
| 15 |
|
| naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo, |
|
| 16 |
|
| naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo. |
|
| 17 |
|
| Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku, |
|
| 18 |
|
| ziphele izithombe, zithi nya. |
|
| 19 |
|
| Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo. |
|
| 20 |
|
| Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo, |
|
| 21 |
|
| ukuze bangene emihumeni yamadwala nasemifantwini yeziwa ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe, lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo. |
|
| 22 |
|
| Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na? |
|
|
|
|