IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959
|
| 1 |
| Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe. |
| 2 |
| Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu. |
| 3 |
| Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo. |
| 4 |
| Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.” |
| 5 |
| Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. |
| 6 |
| Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi. |
| 7 |
| Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani. |
| 8 |
| Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo. |
| 9 |
| Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo. |
| 10 |
| Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula. |
| Gcina Amanothi |
https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/isaiah/035.mp3
66
35