|
| 1 |
|
| UJehova wakhuluma kuMose, wathi: |
|
| 2 |
|
| “Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo, |
|
| 3 |
|
| ubuthele inhlangano yonke ngasemnyango wetende lokuhlangana.” |
|
| 4 |
|
| UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana. |
|
| 5 |
|
| UMose wayesethi kuyo inhlangano: “Nansi into uJehova ayale ngayo ukuba yenziwe.” |
|
| 6 |
|
| UMose waletha u-Aroni namadodana akhe, wabageza ngamanzi. |
|
| 7 |
|
| Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande,* wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo. |
|
| 8 |
|
| Wamfaka isihlangu sesifuba, nasesihlangwini sesifuba wabeka i-Urimi neThumimi.* |
|
| 9 |
|
| Wafaka isigqoko ekhanda lakhe, nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide, umqhele ongcwele, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 10 |
|
| UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa. |
|
| 11 |
|
| Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe. |
|
| 12 |
|
| Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe. |
|
| 13 |
|
| UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande,* wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 14 |
|
| Waletha nenkunzi yomnikelo wesono; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono. |
|
| 15 |
|
| Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana. |
|
| 16 |
|
| Wathatha onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushisa e-altare. |
|
| 17 |
|
| Kepha inkunzi nesikhumba sayo, nenyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu,* njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 18 |
|
| Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama. |
|
| 19 |
|
| Wayihlaba, uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke. |
|
| 20 |
|
| Wayeseyihlahlela inyama izitho; uMose washisa inhloko nezitho namanoni. |
|
| 21 |
|
| Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 22 |
|
| Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama. |
|
| 23 |
|
| Wayihlaba; uMose wathatha igazi layo, walibheca esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene. |
|
| 24 |
|
| Wayeseletha amadodana ka-Aroni, uMose walibheca igazi esicutshini sendlebe yabo yokunene, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene; uMose wafafaza i-altare ngegazi nxazonke. |
|
| 25 |
|
| Wawathatha amanoni, nomsila ononileyo, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, nomlenze wokunene, |
|
| 26 |
|
| naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni bukaJehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo, neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene, |
|
| 27 |
|
| wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe, wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova. |
|
| 28 |
|
| UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa e-altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova. |
|
| 29 |
|
| UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; sasiyisabelo sikaMose sasenqameni yokwahlukaniselwa, njengalokho uJehova emyalile uMose. |
|
| 30 |
|
| UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe. |
|
| 31 |
|
| Wathi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe: “Phekani inyama ngasemnyango wetende lokuhlangana, niyidle kanye nesinkwa esiseqomeni lokwahlukaniselwa, njengalokho ngayala ngathi: ‘U-Aroni namadodana akhe bayakukudla.’ |
|
| 32 |
|
| Okuseleyo kwenyama nokwesinkwa anokushisa ngomlilo. |
|
| 33 |
|
| Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kungakapheli izinsuku zokwahlukaniselwa kwenu, ngokuba uyakunahlukanisela izinsuku eziyisikhombisa. |
|
| 34 |
|
| UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla, ukuze nenzelwe ukubuyisana. |
|
| 35 |
|
| Ngasemnyango wetende lokuhlangana niyakuhlala imini nobusuku izinsuku eziyisikhombisa, nisigcine isiyalezo sikaJehova, ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.” |
|
| 36 |
|
| U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose. |
|
|
|
|