IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959
|
| 1 |
| UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, |
| 2 |
| wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami. |
| 3 |
| Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. |
| 4 |
| Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. |
| 5 |
| Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami, utwa lwangikaka. Umhlanga wathandela ekhanda lami. |
| 6 |
| Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami. |
| 7 |
| “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele. |
| 8 |
| “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo. |
| 9 |
| Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.” |
| 10 |
| UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo. |
| Gcina Amanothi |
https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/jonah/002.mp3
4
2