|
| 1 |
|
| Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngigcule enqabeni, ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami. |
|
| 2 |
|
| UJehova wangiphendula wathi: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula. |
|
| 3 |
|
| Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza. |
|
| 4 |
|
| “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe. |
|
| 5 |
|
| Yebo, iwayini liyakhohlisa, lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma, owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo; unjengokufa: akasuthi; uyazibuthela zonke izizwe, uziqoqela bonke abantu. |
|
| 6 |
|
| “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi: “ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe koze kube nini na? – nozisindisa ngezibambiso!’ |
|
| 7 |
|
| Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo, bavuke abakuthuthumelisayo, ube yimpango yabo, na? |
|
| 8 |
|
| Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo. |
|
| 9 |
|
| “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi! |
|
| 10 |
|
| Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi, wona kuwo umphefumulo wakho. |
|
| 11 |
|
| Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni, nomshayo uyakuwaphendula usemithini. |
|
| 12 |
|
| “Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi! |
|
| 13 |
|
| Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na? |
|
| 14 |
|
| Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle. |
|
| 15 |
|
| “Wo komphuzisa umngane wakhe, axube nokufutheka, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe! |
|
| 16 |
|
| Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho. |
|
| 17 |
|
| Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela, ukuchithwa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo. |
|
| 18 |
|
| “Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na? |
|
| 19 |
|
| Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho. |
|
| 20 |
|
| Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.” |
|
|
|
|