|
| 1 |
|
| Buthanani, yebo, buthana, sizwe esingenamahloni, |
|
| 2 |
|
| isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. |
|
| 3 |
|
| Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova. |
|
| 4 |
|
| Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe. |
|
| 5 |
|
| Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, isizwe samaKhereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani, lizwe lamaFilisiti. “Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.” |
|
| 6 |
|
| Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo, lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu. |
|
| 7 |
|
| Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo. |
|
| 8 |
|
| “Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi nezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo. |
|
| 9 |
|
| Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.” |
|
| 10 |
|
| Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo, ngokuba bathukile, bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti. |
|
| 11 |
|
| UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe. |
|
| 12 |
|
| “Nani maKushe niyakubulawa ngenkemba yami.” |
|
| 13 |
|
| Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, achithe i-Asiriya, alenze iNineve libe yincithakalo, lome njengehlane. |
|
| 14 |
|
| Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo, zonke izilwane zesizwe, ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo, isikhova sikhale emafasiteleni, kube khona incithakalo emigulugulwini, ngokuba wambulile okwemisedari.* |
|
| 15 |
|
| Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo. |
|
|
|
|