|
| 1 |
|
| Nanka amabanga ohambo lwabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ngawo ezweni laseGibithe ngamabandla abo phansi kwesandla sikaMose nesika-Aroni. |
|
| 2 |
|
| UMose waloba ngokuhamba kwabo ngamabanga abo ngesiyalezo sikaJehova; nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo. |
|
| 3 |
|
| Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe, |
|
| 4 |
|
| abaseGibithe besembela onke amazibulo abo abulawa kubo nguJehova, uJehova ebahlulele nawonkulunkulu babo. |
|
| 5 |
|
| Abantwana bakwa-Israyeli basuka-ke eRamesesi, bamisa eSukoti. |
|
| 6 |
|
| Basuka eSukoti, bamisa e-Etamu eliseceleni kwehlane. |
|
| 7 |
|
| Basuka e-Etamu, babuyela ePhi Hahiroti elingaphambi kweBali Sefoni; bamisa phambi kweMigidoli. |
|
| 8 |
|
| Basuka eHahiroti, badabula phakathi kolwandle, baya ehlane, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu ehlane lase-Etamu, bamisa eMara. |
|
| 9 |
|
| Basuka eMara, bafika e-Elimi; e-Elimi kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona. |
|
| 10 |
|
| Basuka e-Elimi, bamisa ngaseLwandle Olubomvu. |
|
| 11 |
|
| Basuka eLwandle oluBomvu, bamisa ehlane laseSini. |
|
| 12 |
|
| Basuka ehlane laseSini, bamisa eDofika. |
|
| 13 |
|
| Basuka eDofika, bamisa e-Alushi. |
|
| 14 |
|
| Basuka e-Alushi, bamisa eRefidimi, lapho kwakungekho manzi khona ukuba abantu baphuze. |
|
| 15 |
|
| Basuka eRefidimi, bamisa ehlane laseSinayi. |
|
| 16 |
|
| Basuka ehlane laseSinayi, bamisa eKibiroti Hathawa. |
|
| 17 |
|
| Basuka eKibiroti Hathawa, bamisa eHaseroti. |
|
| 18 |
|
| Basuka eHaseroti, bamisa eRitima. |
|
| 19 |
|
| Basuka eRitima, bamisa eRimoni Pheresi. |
|
| 20 |
|
| Basuka eRimoni Pheresi, bamisa eLibina. |
|
| 21 |
|
| Basuka eLibina, bamisa eRisa. |
|
| 22 |
|
| Basuka eRisa, bamisa eKehelatha. |
|
| 23 |
|
| Basuka eKehelatha, bamisa entabeni yaseSheferi. |
|
| 24 |
|
| Basuka entabeni yaseSheferi, bamisa eHarada. |
|
| 25 |
|
| Basuka eHarada, bamisa eMakeloti. |
|
| 26 |
|
| Basuka eMakeloti, bamisa eTahati. |
|
| 27 |
|
| Basuka eTahati, bamisa eThera. |
|
| 28 |
|
| Basuka eThera, bamisa eMitika. |
|
| 29 |
|
| Basuka eMitika, bamisa eHashimona. |
|
| 30 |
|
| Basuka eHashimona, bamisa eMoseroti. |
|
| 31 |
|
| Basuka eMoseroti, bamisa eBene Jahakani. |
|
| 32 |
|
| Basuka eBene Jahakani, bamisa eHori Hagidigadi. |
|
| 33 |
|
| Basuka eHori Hagidigadi, bamisa eJothabata. |
|
| 34 |
|
| Basuka eJothabata, bamisa e-Abrona. |
|
| 35 |
|
| Basuka e-Abrona, bamisa e-Esiyoni Geberi. |
|
| 36 |
|
| Basuka e-Esiyoni Geberi, bamisa ehlane laseSini eliyiKadeshi. |
|
| 37 |
|
| Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi. |
|
| 38 |
|
| U-Aroni umpristi wakhuphukela entabeni yaseHori ngesiyalezo sikaJehova, wafela khona ngomnyaka wamashumi amane emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngenyanga yesihlanu ngolokuqala lwenyanga. |
|
| 39 |
|
| U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori. |
|
| 40 |
|
| UmKhanani, inkosi yase-Aradi, owahlala eningizimu ezweni laseKhanani, wezwa ngokufika kwabantwana bakwa-Israyeli. |
|
| 41 |
|
| Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona. |
|
| 42 |
|
| Basuka eSalimona, bamisa ePunoni. |
|
| 43 |
|
| Basuka ePunoni, bamisa e-Oboti. |
|
| 44 |
|
| Basuka e-Oboti, bamisa e-Iye Abarimi emkhawulweni wakwaMowabi. |
|
| 45 |
|
| Basuka e-Iyimi, bamisa eDiboni Gadi. |
|
| 46 |
|
| Basuka eDiboni Gadi, bamisa e-Alimoni Dibilatayimi. |
|
| 47 |
|
| Basuka e-Alimoni Dibilatayimi, bamisa ezintabeni zase-Abarimi ngaphambi kweNebo. |
|
| 48 |
|
| Basuka ezintabeni zase-Abarimi, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. |
|
| 49 |
|
| Bamisa ngaseJordani kusukela eBeti Jeshimoti kuze kufike e-Abela Shithimi emathafeni akwaMowabi. |
|
| 50 |
|
| UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi: |
|
| 51 |
|
| “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ukuba ningene ezweni laseKhanani, |
|
| 52 |
|
| niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo, |
|
| 53 |
|
| nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle. |
|
| 54 |
|
| Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo. |
|
| 55 |
|
| “ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo. |
|
| 56 |
|
| Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ” |
|
|
|
|