|
| 1 |
|
| UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye. |
|
| 2 |
|
| Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini. |
|
| 3 |
|
| Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho. |
|
| 4 |
|
| Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” |
|
| 5 |
|
| Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo. |
|
| 6 |
|
| Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” |
|
| 7 |
|
| Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, |
|
| 8 |
|
| egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. |
|
| 9 |
|
| Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu. |
|
| 10 |
|
| Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye. |
|
| 11 |
|
| Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu. |
|
| 12 |
|
| Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na? |
|
| 13 |
|
| UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula; |
|
| 14 |
|
| kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali, |
|
| 15 |
|
| nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina. |
|
| 16 |
|
| Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke. |
|
| 17 |
|
| “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu. |
|
| 18 |
|
| Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje. |
|
| 19 |
|
| Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, |
|
| 20 |
|
| ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo, |
|
| 21 |
|
| okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade. |
|
| 22 |
|
| UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini. |
|
| 23 |
|
| Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’ |
|
| 24 |
|
| “Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku. |
|
| 25 |
|
| Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ |
|
| 26 |
|
| UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.” |
|
|
|
|