|
| 1 |
|
| Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na? |
|
| 2 |
|
| Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. |
|
| 3 |
|
| Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.” |
|
| 4 |
|
| Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; |
|
| 5 |
|
| kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga, |
|
| 6 |
|
| njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi: |
|
| 7 |
|
| “Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo, nabazono zabo zisitshekelwe; |
|
| 8 |
|
| ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.” |
|
| 9 |
|
| Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga. |
|
| 10 |
|
| Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki. |
|
| 11 |
|
| Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona, |
|
| 12 |
|
| futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kepha nowabo abahamba emkhondweni wokukholwa ubaba u-Abrahama ayenakho engakasoki. |
|
| 13 |
|
| Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa. |
|
| 14 |
|
| Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho; |
|
| 15 |
|
| ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa. |
|
| 16 |
|
| Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke, |
|
| 17 |
|
| njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngikumisile ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona, |
|
| 18 |
|
| owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;” |
|
| 19 |
|
| engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile; |
|
| 20 |
|
| akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, |
|
| 21 |
|
| eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. |
|
| 22 |
|
| Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga. |
|
| 23 |
|
| Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena, |
|
| 24 |
|
| kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, |
|
| 25 |
|
| owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu. |
|
|
|
|