|
| 1 |
|
| Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na? |
|
| 2 |
|
| Nina niyincwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, |
|
| 3 |
|
| nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama. |
|
| 4 |
|
| Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, |
|
| 5 |
|
| kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, |
|
| 6 |
|
| oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa. |
|
| 7 |
|
| Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo, |
|
| 8 |
|
| pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na? |
|
| 9 |
|
| Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. |
|
| 10 |
|
| Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo. |
|
| 11 |
|
| Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo. |
|
| 12 |
|
| Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke, |
|
| 13 |
|
| asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela. |
|
| 14 |
|
| Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu; |
|
| 15 |
|
| yebo, kuze kube namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo; |
|
| 16 |
|
| kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa. |
|
| 17 |
|
| INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. |
|
| 18 |
|
| Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya. |
|
|
|
|