|
| 1 |
|
| Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko nangezono zenu, |
|
| 2 |
|
| enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, |
|
| 3 |
|
| esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye. |
|
| 4 |
|
| Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, |
|
| 5 |
|
| sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe – |
|
| 6 |
|
| wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu, |
|
| 7 |
|
| kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu. |
|
| 8 |
|
| Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; |
|
| 9 |
|
| akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. |
|
| 10 |
|
| Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo. |
|
| 11 |
|
| Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, |
|
| 12 |
|
| ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. |
|
| 13 |
|
| Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu. |
|
| 14 |
|
| Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, |
|
| 15 |
|
| ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, |
|
| 16 |
|
| enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. |
|
| 17 |
|
| Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. |
|
| 18 |
|
| Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise. |
|
| 19 |
|
| Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, |
|
| 20 |
|
| nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, |
|
| 21 |
|
| okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, |
|
| 22 |
|
| okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya. |
|
|
|
|