|
| 1 |
|
| Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, |
|
| 2 |
|
| gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye; |
|
| 3 |
|
| ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, |
|
| 4 |
|
| yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. |
|
| 5 |
|
| Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu |
|
| 6 |
|
| owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, |
|
| 7 |
|
| kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; |
|
| 8 |
|
| wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. |
|
| 9 |
|
| Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, |
|
| 10 |
|
| ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, |
|
| 11 |
|
| nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. |
|
| 12 |
|
| Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, |
|
| 13 |
|
| ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe. |
|
| 14 |
|
| Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, |
|
| 15 |
|
| ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, |
|
| 16 |
|
| nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. |
|
| 17 |
|
| Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke; |
|
| 18 |
|
| ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami. |
|
| 19 |
|
| Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. |
|
| 20 |
|
| Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; |
|
| 21 |
|
| ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. |
|
| 22 |
|
| Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. |
|
| 23 |
|
| Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; |
|
| 24 |
|
| kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane. |
|
| 25 |
|
| Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami, |
|
| 26 |
|
| lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula. |
|
| 27 |
|
| Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. |
|
| 28 |
|
| Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi. |
|
| 29 |
|
| Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, |
|
| 30 |
|
| ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu. |
|
|
|
|