|
| 1 |
|
| Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi: |
|
| 2 |
|
| “Ngokuba abaholi beholile kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova. |
|
| 3 |
|
| “Yizwani nina makhosi; bekani indlebe nina zikhulu; mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova, ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. |
|
| 4 |
|
| “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi. |
|
| 5 |
|
| Izintaba zathuthumela ebusweni bukaJehova, yebo, nalo iSinayi lelo, ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. |
|
| 6 |
|
| “Ezinsukwini zikaShamgari indodana ka-Anati, ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe; ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo. |
|
| 7 |
|
| Abaholi baphela kwa-Israyeli, banqamuka, ngaze ngavuka mina Debora, ngavuka ngingunina kwa-Israyeli. |
|
| 8 |
|
| Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na? |
|
| 9 |
|
| Inhliziyo yami ikubabusi bakwa-Israyeli abazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu; bongani uJehova. |
|
| 10 |
|
| “Nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlezi emacansini, nani enihamba ngendlela, kulandeni. |
|
| 11 |
|
| Ekwahlukaniseni impango phakathi kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova, ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni. |
|
| 12 |
|
| “ ‘Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama!’ |
|
| 13 |
|
| “Khona wayenza insali ukuba ibuse abakhulu; abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga. |
|
| 14 |
|
| Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi. |
|
| 15 |
|
| Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe. Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo. |
|
| 16 |
|
| Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo. |
|
| 17 |
|
| UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe. |
|
| 18 |
|
| UZebuloni wayengabantu abazidela kwaze kwaba sekufeni, uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe. |
|
| 19 |
|
| “Amakhosi afika alwa, alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; awathathanga nzuzo yamali. |
|
| 20 |
|
| Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera. |
|
| 21 |
|
| Umfudlana iKishoni wabakhukhula, umfudlana wamandulo, umfudlana iKishoni. Awu, mphefumulo wami, nyathela ngamandla. |
|
| 22 |
|
| Khona zadubuza izinselo zamahhashi ngokugadula, ukugadula kwezinkweli zawo. |
|
| 23 |
|
| ‘Qalekisani iMerozi,’ kwasho ingelosi kaJehova; ‘qalekisani nokuqalekisa abantu balo, ngokuba abezanga ukumsiza uJehova ukuba bamsize uJehova ukulwa neziqhwaga.’ |
|
| 24 |
|
| “Uyakubusiswa phezu kwabesifazane uJayeli umkaHebere umKheni, abusiswe phezu kwabesifazane basematendeni. |
|
| 25 |
|
| Wacela amanzi, wamupha ubisi, wamlethela amangqanga ngesitsha samakhosi. |
|
| 26 |
|
| Wafaka isandla sakhe esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera, wadebeza ikhanda lakhe, yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe. |
|
| 27 |
|
| Wakhothama ngasezinyaweni zakhe, wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile. |
|
| 28 |
|
| “Wabheka efasiteleni, wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni: ‘Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?’ |
|
| 29 |
|
| Amakhosazana akhe ahlakaniphileyo amphendula, yebo, wazibuyisela yena uqobo impendulo ngokuthi: |
|
| 30 |
|
| ‘Angithi batholile babelana impango? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye; kuSisera impango yezingubo ezinemibala, impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.’ |
|
| 31 |
|
| “Mazibhubhe kanjalo zonke izitha zakho, Jehova; kepha abamthandayo mababe njengelanga, lapho liphuma ngamandla alo.” Izwe selaba nokuthula iminyaka engamashumi amane. |
|
|
|
|