|
| 1 |
|
| UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi. |
|
| 2 |
|
| Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi, wathi: “Hlalani phansi lapha.” Ahlala. |
|
| 3 |
|
| Wayesethi kuye umhlengi: “UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki; |
|
| 4 |
|
| bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.” Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.” |
|
| 5 |
|
| Wathi uBowazi: “Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.” |
|
| 6 |
|
| Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.” |
|
| 7 |
|
| Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa-Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli. |
|
| 8 |
|
| Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe. |
|
| 9 |
|
| UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi. |
|
| 10 |
|
| NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.” |
|
| 11 |
|
| Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema; |
|
| 12 |
|
| indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.” |
|
| 13 |
|
| UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana. |
|
| 14 |
|
| Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli. |
|
| 15 |
|
| Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.” |
|
| 16 |
|
| UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe. |
|
| 17 |
|
| Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide. |
|
| 18 |
|
| Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi; |
|
| 19 |
|
| uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba; |
|
| 20 |
|
| u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni; |
|
| 21 |
|
| uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede; |
|
| 22 |
|
| u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide. |
|
|
|
|