× Ulimi IYurophu Russian Belarusian Ukrainian Polish Serbian Bulgarian Slovakian Czech Romanian IsiMoldova Azerbaijan Armenian IsiGeorgia Albanian I-Avar IBashkir IsiTatar Chechen Slovenian Croatian Estonian Latvian Lithuanian Hungarian Finnish Norwegian Swedish Icelandic Greek Isi-Macedonian German Bavarian Dutch Danish Welsh IsiGaelic Isi-Irish French Basque IsiCatalan Italian IGalacian Romani Bosnian I-America esenyakatho English I-South America Spanish Portuguese IsiGuarani Quechuan I-Aymara IMelika Ephakathi Jamaican Nahuatl Kiche Qeqchi Haitian EMpumalanga Asia Chinese Japanese Korean IsiMongolia Isi-Uyghur Hmong ISouth East Asia Malaysian Burmese UHakha Chin Nepali Cebuano Tagalog Cambodian Thai Indonesian Vietnamese IsiJavanese Lao Iban IuMien Kachin Lahu Aceh Balinese Bugis Pampanga Sasak Shan Waray ENingizimu Asia Hindi Оdia Awadhi UMizo Kannada Malayalam Marathi Gujarati Tamil Telugu Punjabi UKurukh Isi-Assamese Maithili Bengali Urdu IsiSinhala Dogri Haryanvi Meitei Konkani Santali Sindhi Koya Thado Sanskrit Devanagari Adilabad Gondi Ahirani Balochi Bundeli Chhattisgarhi Garhwali Kangri Kumaoni Mewari Munda Sadri Seraiki Shekhawati Sylheti I-Asia Ephakathi I-Kyrgyz Isi-Uzbek Isi-Tajik AmaTurkmen Kazakhstan Karakalpak Emaphakathi Mpumalanga Turkish Hebrew Arabic Persian Kurdish Isi-Pashto Coptic Afrika Afrikaans Xhosa Zulu Ndebele IsiSuthu Amharic Wolaytta Nigerian UMossi Ika Dinka Kabyle Ewe Swahili Morocco Somalian Shona Madagascar Igbo IsiLingala Baoule Siswati IsiTsonga IsiTswana Gambian IsiYoruba Kamba IsiKinyarwanda IsiHausa Chewa IsiLuo Makua Dyula Fulfulde Kalenjin Kikuyu Kikwango Kirundi Krio Nigerian Pidgin Oromo Tshiluba Tshivenda Twi Umbundu Lugbara Luguru Pular Gussi Maasai Turkana Moba Nuer Shilluk Tamasheq Makonde Bemba Fon Hadiyya Ibibio Kimbundu Kimiiru Lango Liberian Kreyol Lomwe Mende Morisyen Ndau Nyankole Sena Sidamo Soga Songe Sukuma Tarifit Teso Tiv Zande Izwekazi lase-Australia New Zealand Papua New Guinea Izilimi Ezindala Aramaic Latin Esperanto 1 1 1 IBHAYIBHELI 1959 Baasraak 2023IsiZulu 2020IBHAYIBHELI 19591 1 1 IzAga GenesiseEksodusiLevitikusiNumeriDuteronomiJoshuwaAbAhluleliRuthe1 Samuweli2 Samuweli1 AmaKhosi2 AmaKhosi1 IziKronike2 IziKronikeEzraNehemiyaEsteriJobeAmaHuboIzAgaUmShumayeli IsiHlabelelo SeziHlabeleloIsayaJeremiyaIsiLiloHezekeliDaniyeliHoseyaJoweliAmoseObadiyaJonaMikaNahumeHabakukiZefaniyaHagayiZakariyaMalaki--- --- ---MathewuMarkuLukaJohaneIzEnzoRoma1 Korinte2 KorinteGalathiyaEfesuFilipiKolose1 Thesalonika2 Thesalonika1 Thimothewu2 ThimothewuThithuFilemoniHeberuJakobe1 Petru2 Petru1 Johane2 Johane3 JohaneJudaIsAmbulo1 1 1 24 123456789101112131415161718192021222324252627282930311 1 1 : 1 123456789101112131415161718192021222324252627282930313233341 1 1 IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 IzAga 24 Gcina Amanothi 1Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.2Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.3Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.4Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.5Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla, nomuntu onokwazi onezikhwepha.6Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.7Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.8Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.9Ukuceba ubuwula kuyisono, nesideleli siyisinengiso kubantu.10Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.11Bophule abayiswa ekufeni; abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.12Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?13Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.14Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo, nethemba lakho aliyikunqunywa.15Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.16Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.17Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,18funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.19Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngamashinga.20Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.21Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.22Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane; ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?23Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.24Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,” lowo abantu bayakumqalekisa, nezizwe ziyakumthukuthelela.25Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi, kufike phezu kwabo isibusiso esihle.26Njengokwanga kwezindebe, injalo impendulo eqinisileyo.27Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini, wakhe ngasemuva indlu yakho.28Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?29Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kuye, ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”30Ngadlula ensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;31bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi, sisibekelwe phezulu ngezimbabazane, nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.32Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:33ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,34bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.Zulu Bible 1959 © Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 IzAga 24 00:00:00 00:00:00 0.5x 2.0x https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/proverbs/024.mp3 31 24