× Ulimi IYurophu Russian Belarusian Ukrainian Polish Serbian Bulgarian Slovakian Czech Romanian IsiMoldova Azerbaijan Armenian IsiGeorgia Albanian I-Avar IBashkir IsiTatar Chechen Slovenian Croatian Estonian Latvian Lithuanian Hungarian Finnish Norwegian Swedish Icelandic Greek Isi-Macedonian German Bavarian Dutch Danish Welsh IsiGaelic Isi-Irish French Basque IsiCatalan Italian IGalacian Romani Bosnian I-America esenyakatho English I-South America Spanish Portuguese IsiGuarani Quechuan I-Aymara IMelika Ephakathi Jamaican Nahuatl Kiche Qeqchi Haitian EMpumalanga Asia Chinese Japanese Korean IsiMongolia Isi-Uyghur Hmong ISouth East Asia Malaysian Burmese UHakha Chin Nepali Cebuano Tagalog Cambodian Thai Indonesian Vietnamese IsiJavanese Lao Iban IuMien Kachin Lahu Aceh Balinese Bugis Pampanga Sasak Shan Waray ENingizimu Asia Hindi Оdia Awadhi UMizo Kannada Malayalam Marathi Gujarati Tamil Telugu Punjabi UKurukh Isi-Assamese Maithili Bengali Urdu IsiSinhala Dogri Haryanvi Meitei Konkani Santali Sindhi Koya Thado Sanskrit Devanagari Adilabad Gondi Ahirani Balochi Bundeli Chhattisgarhi Garhwali Kangri Kumaoni Mewari Munda Sadri Seraiki Shekhawati Sylheti I-Asia Ephakathi I-Kyrgyz Isi-Uzbek Isi-Tajik AmaTurkmen Kazakhstan Karakalpak Emaphakathi Mpumalanga Turkish Hebrew Arabic Persian Kurdish Isi-Pashto Coptic Afrika Afrikaans Xhosa Zulu Ndebele IsiSuthu Amharic Wolaytta Nigerian UMossi Ika Dinka Kabyle Ewe Swahili Morocco Somalian Shona Madagascar Igbo IsiLingala Baoule Siswati IsiTsonga IsiTswana Gambian IsiYoruba Kamba IsiKinyarwanda IsiHausa Chewa IsiLuo Makua Dyula Fulfulde Kalenjin Kikuyu Kikwango Kirundi Krio Nigerian Pidgin Oromo Tshiluba Tshivenda Twi Umbundu Lugbara Luguru Pular Gussi Maasai Turkana Moba Nuer Shilluk Tamasheq Makonde Bemba Fon Hadiyya Ibibio Kimbundu Kimiiru Lango Liberian Kreyol Lomwe Mende Morisyen Ndau Nyankole Sena Sidamo Soga Songe Sukuma Tarifit Teso Tiv Zande Dagbani Izwekazi lase-Australia New Zealand Papua New Guinea Izilimi Ezindala Aramaic Latin Esperanto 1 1 1 IBHAYIBHELI 1959 Baasraak 2023IsiZulu 2020IBHAYIBHELI 19591 1 1 Numeri GenesiseEksodusiLevitikusiNumeriDuteronomiJoshuwaAbAhluleliRuthe1 Samuweli2 Samuweli1 AmaKhosi2 AmaKhosi1 IziKronike2 IziKronikeEzraNehemiyaEsteriJobeAmaHuboIzAgaUmShumayeli IsiHlabelelo SeziHlabeleloIsayaJeremiyaIsiLiloHezekeliDaniyeliHoseyaJoweliAmoseObadiyaJonaMikaNahumeHabakukiZefaniyaHagayiZakariyaMalaki--- --- ---MathewuMarkuLukaJohaneIzEnzoRoma1 Korinte2 KorinteGalathiyaEfesuFilipiKolose1 Thesalonika2 Thesalonika1 Thimothewu2 ThimothewuThithuFilemoniHeberuJakobe1 Petru2 Petru1 Johane2 Johane3 JohaneJudaIsAmbulo1 1 1 1 1234567891011121314151617181920212223242526272829303132333435361 1 1 : 1 1234567891011121314151617181920212223242526272829303132333435363738394041424344454647484950515253541 1 1 IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 Numeri 1 Gcina Amanothi 1UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:2“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;3kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.4Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.5Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: u-Elisuri indodana kaShedewuri.6KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.7KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.8Kwa-Isakare: uNethaneli indodana kaSuwari.9KwaZebuloni: u-Eliyabe indodana kaHeloni.10Kubantwana bakwaJosefa: kwa-Efrayimi: u-Elishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.11KwaBenjamini: u-Abidani indodana kaGideyoni.12KwaDani: u-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.13Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana ka-Okirani.14KwaGadi: u-Eliyasafa indodana kaDehuweli.15KwaNafetali: u-Ahira indodana ka-Enani.”16Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babe yizinhloko zemizi yakwa-Israyeli.17OMose no-Aroni base bethatha lawo madoda aseshiwo ngamagama.18Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezinhloko zabo.19Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.20Abantwana bakwaRubeni, izibulo lika-Israyeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:21labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaRubeni, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.22Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:23labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.24Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:25labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaGadi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.26Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:27labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.28Kubantwana bakwa-Isakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:29labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Isakare, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.30Kubantwana bakwaZebuloni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:31labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.32Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwa-Efrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:33labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Efrayimi, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.34Kubantwana bakwaManase, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:35labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaManase, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.36Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:37labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaBenjamini, babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.38Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:39labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaDani, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.40Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu, bonke abangaphuma impi:41labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Asheri, babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.42Kubantwana bakwaNafetali, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabenminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:43labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaNafetali, babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.44Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nangu-Aroni kanye nezikhulu zakwa-Israyeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba yileyo naleyo yamela indlu kayise.45Bonke ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi,46bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.47Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.48Ngokuba uJehova wakhuluma kuMose, wathi:49“Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli,50kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.51Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.52Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu* labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni* labo, ngamabandla abo.53Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”54Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.Zulu Bible 1959 © Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 Numeri 1 00:00:00 00:00:00 0.5x 2.0x https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/numbers/001.mp3 36 1