× Ulimi IYurophu Russian Belarusian Ukrainian Polish Serbian Bulgarian Slovakian Czech Romanian IsiMoldova Azerbaijan Armenian IsiGeorgia Albanian I-Avar IBashkir IsiTatar Chechen Slovenian Croatian Estonian Latvian Lithuanian Hungarian Finnish Norwegian Swedish Icelandic Greek Isi-Macedonian German Bavarian Dutch Danish Welsh IsiGaelic Isi-Irish French Basque IsiCatalan Italian IGalacian Romani Bosnian I-America esenyakatho English I-South America Spanish Portuguese IsiGuarani Quechuan I-Aymara IMelika Ephakathi Jamaican Nahuatl Kiche Qeqchi Haitian EMpumalanga Asia Chinese Japanese Korean IsiMongolia Isi-Uyghur Hmong ISouth East Asia Malaysian Burmese UHakha Chin Nepali Cebuano Tagalog Cambodian Thai Indonesian Vietnamese IsiJavanese Lao Iban IuMien Kachin Lahu Aceh Balinese Bugis Pampanga Sasak Shan Waray ENingizimu Asia Hindi Оdia Awadhi UMizo Kannada Malayalam Marathi Gujarati Tamil Telugu Punjabi UKurukh Isi-Assamese Maithili Bengali Urdu IsiSinhala Dogri Haryanvi Meitei Konkani Santali Sindhi Koya Thado Sanskrit Devanagari Adilabad Gondi Ahirani Balochi Bundeli Chhattisgarhi Garhwali Kangri Kumaoni Mewari Munda Sadri Seraiki Shekhawati Sylheti I-Asia Ephakathi I-Kyrgyz Isi-Uzbek Isi-Tajik AmaTurkmen Kazakhstan Karakalpak Emaphakathi Mpumalanga Turkish Hebrew Arabic Persian Kurdish Isi-Pashto Coptic Afrika Afrikaans Xhosa Zulu Ndebele IsiSuthu Amharic Wolaytta Nigerian UMossi Ika Dinka Kabyle Ewe Swahili Morocco Somalian Shona Madagascar Igbo IsiLingala Baoule Siswati IsiTsonga IsiTswana Gambian IsiYoruba Kamba IsiKinyarwanda IsiHausa Chewa IsiLuo Makua Dyula Fulfulde Kalenjin Kikuyu Kikwango Kirundi Krio Nigerian Pidgin Oromo Tshiluba Tshivenda Twi Umbundu Lugbara Luguru Pular Gussi Maasai Turkana Moba Nuer Shilluk Tamasheq Makonde Bemba Fon Hadiyya Ibibio Kimbundu Kimiiru Lango Liberian Kreyol Lomwe Mende Morisyen Ndau Nyankole Sena Sidamo Soga Songe Sukuma Tarifit Teso Tiv Zande Izwekazi lase-Australia New Zealand Papua New Guinea Izilimi Ezindala Aramaic Latin Esperanto 1 1 1 IBHAYIBHELI 1959 Baasraak 2023IsiZulu 2020IBHAYIBHELI 19591 1 1 Efesu GenesiseEksodusiLevitikusiNumeriDuteronomiJoshuwaAbAhluleliRuthe1 Samuweli2 Samuweli1 AmaKhosi2 AmaKhosi1 IziKronike2 IziKronikeEzraNehemiyaEsteriJobeAmaHuboIzAgaUmShumayeli IsiHlabelelo SeziHlabeleloIsayaJeremiyaIsiLiloHezekeliDaniyeliHoseyaJoweliAmoseObadiyaJonaMikaNahumeHabakukiZefaniyaHagayiZakariyaMalaki--- --- ---MathewuMarkuLukaJohaneIzEnzoRoma1 Korinte2 KorinteGalathiyaEfesuFilipiKolose1 Thesalonika2 Thesalonika1 Thimothewu2 ThimothewuThithuFilemoniHeberuJakobe1 Petru2 Petru1 Johane2 Johane3 JohaneJudaIsAmbulo1 1 1 4 1234561 1 1 : 1 12345678910111213141516171819202122232425262728293031321 1 1 IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 Efesu 4 Gcina Amanothi 1Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,2ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando,3nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;4munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;5yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;6munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.7Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.8Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.”9Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?10Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.11Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,12ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,13size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,14ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo;15kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu,16okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.17Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,18behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,19abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.20Kepha nina animfundanga uKristu kanjalo,21uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,22ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,23nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu,24nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.25Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.26Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.27Ningamniki uSathane indawo.28Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.29Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.30Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.31Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.32Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.Zulu Bible 1959 © Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 Efesu 4 00:00:00 00:00:00 0.5x 2.0x https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/ephesians/004.mp3 6 4