× Ulimi IYurophu Russian Belarusian Ukrainian Polish Serbian Bulgarian Slovakian Czech Romanian IsiMoldova Azerbaijan Armenian IsiGeorgia Albanian I-Avar IBashkir IsiTatar Chechen Slovenian Croatian Estonian Latvian Lithuanian Hungarian Finnish Norwegian Swedish Icelandic Greek Isi-Macedonian German Bavarian Dutch Danish Welsh IsiGaelic Isi-Irish French Basque IsiCatalan Italian IGalacian Romani Bosnian I-America esenyakatho English I-South America Spanish Portuguese IsiGuarani Quechuan I-Aymara IMelika Ephakathi Jamaican Nahuatl Kiche Qeqchi Haitian EMpumalanga Asia Chinese Japanese Korean IsiMongolia Isi-Uyghur Hmong ISouth East Asia Malaysian Burmese UHakha Chin Nepali Cebuano Tagalog Cambodian Thai Indonesian Vietnamese IsiJavanese Lao Iban IuMien Kachin Lahu Aceh Balinese Bugis Pampanga Sasak Shan Waray ENingizimu Asia Hindi Оdia Awadhi UMizo Kannada Malayalam Marathi Gujarati Tamil Telugu Punjabi UKurukh Isi-Assamese Maithili Bengali Urdu IsiSinhala Dogri Haryanvi Meitei Konkani Santali Sindhi Koya Thado Sanskrit Devanagari Adilabad Gondi Ahirani Balochi Bundeli Chhattisgarhi Garhwali Kangri Kumaoni Mewari Munda Sadri Seraiki Shekhawati Sylheti I-Asia Ephakathi I-Kyrgyz Isi-Uzbek Isi-Tajik AmaTurkmen Kazakhstan Karakalpak Emaphakathi Mpumalanga Turkish Hebrew Arabic Persian Kurdish Isi-Pashto Coptic Afrika Afrikaans Xhosa Zulu Ndebele IsiSuthu Amharic Wolaytta Nigerian UMossi Ika Dinka Kabyle Ewe Swahili Morocco Somalian Shona Madagascar Igbo IsiLingala Baoule Siswati IsiTsonga IsiTswana Gambian IsiYoruba Kamba IsiKinyarwanda IsiHausa Chewa IsiLuo Makua Dyula Fulfulde Kalenjin Kikuyu Kikwango Kirundi Krio Nigerian Pidgin Oromo Tshiluba Tshivenda Twi Umbundu Lugbara Luguru Pular Gussi Maasai Turkana Moba Nuer Shilluk Tamasheq Makonde Bemba Fon Hadiyya Ibibio Kimbundu Kimiiru Lango Liberian Kreyol Lomwe Mende Morisyen Ndau Nyankole Sena Sidamo Soga Songe Sukuma Tarifit Teso Tiv Zande Izwekazi lase-Australia New Zealand Papua New Guinea Izilimi Ezindala Aramaic Latin Esperanto 1 1 1 IBHAYIBHELI 1959 Baasraak 2023IsiZulu 2020IBHAYIBHELI 19591 1 1 Heberu GenesiseEksodusiLevitikusiNumeriDuteronomiJoshuwaAbAhluleliRuthe1 Samuweli2 Samuweli1 AmaKhosi2 AmaKhosi1 IziKronike2 IziKronikeEzraNehemiyaEsteriJobeAmaHuboIzAgaUmShumayeli IsiHlabelelo SeziHlabeleloIsayaJeremiyaIsiLiloHezekeliDaniyeliHoseyaJoweliAmoseObadiyaJonaMikaNahumeHabakukiZefaniyaHagayiZakariyaMalaki--- --- ---MathewuMarkuLukaJohaneIzEnzoRoma1 Korinte2 KorinteGalathiyaEfesuFilipiKolose1 Thesalonika2 Thesalonika1 Thimothewu2 ThimothewuThithuFilemoniHeberuJakobe1 Petru2 Petru1 Johane2 Johane3 JohaneJudaIsAmbulo1 1 1 12 123456789101112131 1 1 : 1 12345678910111213141516171819202122232425262728291 1 1 IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 Heberu 12 Gcina Amanothi 1Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,2sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.3Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.4Anikamelani nezono nilwa kuze kube segazini;5senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi: “Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, uphele amandla, nxa usolwa yiyo,6ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo ishaye yileyo naleyo ndodana eyamukelayo.”7Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?8Kepha uma ningalaywa, abathe bonke benziwa abahlanganyeli kukho, khona-ke ningabesihlahla, anisiwo amadodana.9Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?10Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe.11Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.12Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,13nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.14Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;15niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,16kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.17Ngokuba niyazi ukuthi, nokuba ngasemuva ethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akalitholanga ithuba lokuphenduka, noma ekufunisisa ngezinyembezi.18Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,19nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,20ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: “Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe,”21yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela,”22kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,23nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,24nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.25Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,26ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.”27Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.28Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,29ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.Zulu Bible 1959 © Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved IBHAYIBHELI ELINGCWELE 1959 Heberu 12 00:00:00 00:00:00 0.5x 2.0x https://beblia.bible:81/BibleAudio/zulu/hebrews/012.mp3 13 12